Verse 1:
Ngikhumbula ngalolo suku, ngesikhathi s'qala uk'bonana
Ngaqonda wena, kwabaningi ngakhetha wena
Kuleyondawo esahlangana kuyo
Ingikhumbuza, uthando lwethu
Chorus:
Indawo yakho isenhlizweni yami
Kanti neyami isenhlizweni yakho
Ngicela ungangiphoxi, uhlale eduze kwami
Njengoba nami, ngiyohlale ngiseduze kwakho
Uyohlala ungubambo lwami
Verse 2:
Ngikhumbula, izwi lakho elimnandi
Kanye nobuhle bakho
Ngoba ubuhle bakho
bungenza ngikuthande kakhulu
Uthando lwakho, lukhul'mihla namalanga
Engathi wathathathi inhliziyo yami
Chorus:
Indawo yakho isenhlizweni yami
Kanti neyami isenhlizweni yakho
Ngicela ungangiphoxi, uhlale eduze kwami
Njengoba nami, ngiyohlale ngiseduze kwakho
Uyohlala ungubambo lwami
Bridge:
Zinsuku zonke ng'yacabanga
Ukuthi ngaphandle kwakho
Mina ngingaba yini
Phela wena uyisikhiye senhliziyo yami
Verse 3:
Manje useyiphakade lami
Usonhliziyo wami, engimthandayoo..