Uthi uyangithanda,
Ngiyamlalela kepha angimuzwa.
Uthe uyangithanda,
Amazwi akhe angithinta ngaphakathi,
Mhlawumbe ukhuluma iqiniso angazi
Ngiyafisa ukuba ngiyamhlalile phansi siyidingide
Kahle Le mizwa yakhe
Sibhekane amehlweni angichazele kabanzi,
Ngiyafisa ukwazi ukuthi lolu thando lwakhe
Luzohamba lufikephi?
Ngiyafisa ukwazi ukuthi ingabe Le mizwa yakhe ayinamkawulo na?
Luyoma ndawonye noma sengiphumbuka?
Angeke likhukhuleke uma sesibhekene nezinkinga?
Ngiyafisa ukumbheka emehlweni angichazele ngale
Mizwa yakhe.
Achaze ukuthi ufuna osilelephi?
Ngimcacisele ukuthi sengiyobona ngenzenzo ngoba
Amazwi akhe ayafana nesifiso nje okungekenzeka
Sifezeke noma singafeziki futhi.
Yena uthi uyangithanda,
Ngimlalele kepha angimuzwa.