*[Intro - Whisper, Piano only]*
Empilweni yami kumnyama...
Angazi ngizosabela kuphi...
*[Verse 1 - Pain]*
Noma ngithi ngenza kahle,
Konke kuqhina, kuphelela nje esithobeni.
Umoya wami uhlala ohlukumezekile, wonke amalanga.
Lo mthwalo ongiwuthwele, emzimbeni nase mpilweni yami,
Se uyangisinda.
Sekuqwele ubumnyama kuphela, enhlizweni yami.
O mhlaba, ngenzeni kangaka?
Kutheni ngihlala ngikhathazekile emoyeni?
*[Chorus - Crying out]*
*La ngiwile khona, ngubani ozongivusa?*
*La ngilala khona, ngubani ozongithatha?*
*Empilweni yami kumnyama, angiboni indlela.*
*Se ngiphelelwa ithemba, ukuthi kusazulunga na?*
*[Verse 2 - Betrayal - This will hit everyone]*
Aku ukuthanda kwami, kodwa ngihlukumezwa,
Ngibo laba ngibathandayo.
Laba ngithi abangani bami,
Laba angithi ngisebenza nabo,
Laba engihlala nabo imihla nemihla,
Laba bengithi ngibo bazo ngithatha ngelanga lami lokuqhina,
Kakhulu bona laba ngidla nabo ngemihla nemihla.
*[Bridge - Broken voice, truth]*
Umusabe umuntu...
Ungathembi noba ubani empilweni yakho,
Okungcono uzithembe wena.
Ngithe ngiya phambili, kodwa bahlala bandonsela emuva.
Ngithi ngiyafunda, kodwa babuye futhi bathathe incwadi zami.
Ngithi ngiyacela ukuthi bangifundise, kodwa bavele bangivalela ngaphandle.
Uthi uvula munye umnyango, kodwa bakufihlela isikhiya.
*[Verse 3 - Deepest Pain]*
Se kumnyama konke empilweni yami.
Yena lo ebengithi uyena ozongibonisela indlela,
Namhlanje aphinde angiflatele nje,
Ngathi azange sahlanganisa amakhanda.
Sengathi akakwazi okusenhlizweni yakho.
Sengathi azange sabonana,
Wakwethembisa ukuthi yonke into izolunga as long as ekhona.
*[Final Chorus - Choir comes in, louder]*
La ngiwile khona, ngubani ozongivusa? (Ngubani?!)
Angazi ngizosabela kuphi? (Empilweni yami kumnyama!)
Lo mthwalo uyangisinda! (Se uyangisinda Baba!)
Se ngiphelelwa ithemba! (Kusazulunga na?)
*[Outro - Whisper again]*
O mhlaba, ngenzeni kangaka...
La ngiwile khona... ngubani ozongivusa?
---